Nkumane, Sa
9798215751374
ISBN 13: 9798215751374
Softcover

95
ING9798215751374
Special order direct from the distributor

Ziningi Lezonduku!!! Lencwadi ikhuluma ngo Qabunga owashonelwa yingoduso yakhe yakwa Mhlongo obishini eDumbe esezogcagcelwa. Emva kwalowo mshophi waphupha ingwevu imkhombisa intombi okwakufanele imgane. Abadala bahlonza ingwevu ngokuthi ingukhokho emndenini. Iphupho lamshiya edunguza oswini uQabunga ngoba akatshelwanga ukuthi intombi ingubani? Wakwabani? Kuphi? Wehla wenyuka eyifuna waze wayithola onyakeni wesithathu.

Akubanga Lula ukukhuluma nayo ngoba yayiganisiwe umkhwenyana wayo eyiqaphe ngawokhozi. Umbandela wokuganiswa kwayo wawuthi kuzomele iqede isikole futhi ibeneminyaka eyeqile eshumini nesishiyagalombili, bese yendela kumshayi wezinkomo. UQabunga wayiqomisa isinyenyela yavuma. Bavumelana ngokuthi bayokweqa mhla zingamashumi amabili nambili kuMfumfu. Abashayi bezinkomo bayithwala intombi zingamashumi amabili nanye kuMfumfu bethuswa yizigi zembangi engaqondakali.

Free ShippingOn orders $50 or more. North America only.Learn More